AmaHubo 38:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa mina, njengesithulu, angizwanga; futhi nganginjengesimungulu esingawuvuli umlomo waso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. IsiZulu 2020 Kepha mina nginjengesithulu, angizwa, nginjengesimungulu esingakwazi ukukhuluma. |
Ngaba yisimungulu ngokuthula, ngathula, yebo kwabalungileyo; nosizi lwami lwanyakaza.
Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.