AmaHubo 37:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini. IsiZulu 2020 Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini. |
Kumelwe ubafihle ekusithekeni kobuso bakho ekuziqhenyeni kwabantu; Kufanele uwagcine ngasese endlini yokugezela ekuxabaneni kwezilimi.
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyophumelela; nalo lonke ulimi olukuvukelayo ekwahluleleni kumelwe ululahle. Leli yifa lezinceku zikaJehova, nokulunga kwazo okuvela kimi,” usho uJehova.
Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu.
Khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma njengokusa, nokuphila kwakho kuyakuhluma masinyane; ukulunga kwakho kuyakuphumela phambi kwakho; inkazimulo kaJehova iyakuba ngumvuzo wakho.
UJehova waveza ukulunga kwethu; wozani simemezele eSiyoni umsebenzi kaJehova uNkulunkulu wethu.
Khona lizabuya, lihlukanise phakathi kolungileyo lomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu lalowo ongamkhonziyo.
Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe.
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.