AmaHubo 37:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Omubi uyaboleka angabuyiseli, kepha olungileyo uhawukela, uyapha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane. IsiZulu 2020 Omubi uyoboleka angakubuyiseli, kodwa olungileyo unesisa, uyaphana. |
Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.
Muphe wonke umuntu ocela kuwe; nokwaphuca impahla yakho, ungabuyi uyicele kuye.
Khona abafundi bazimisela, kwaba yilowo nalowo njengamandla akhe, ukuthumela usizo kubazalwane abakhileyo eJudiya.
Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.
UJehova uyakuvula ingcebo yakhe enhle, izulu, ukuba anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifanele, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena awuyikuboleka.
Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.