AmaHubo 37:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide. Ungakhathazeki ngababi, ungabahawukeli abenza okubi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile. IsiZulu 2020 Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile, |
Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Ubuwula bomuntu buphendukezela indlela yakhe, nenhliziyo yakhe ithukuthelele uJehova.
Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni, kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.
Kodwa kwababi akuyikuhamba kahle, futhi akayikwandisa izinsuku zakhe njengethunzi; ngoba akamesabi uNkulunkulu.
umhawu, ukubulala, ukudakwa, ukuxokozela, nokunye okunjalo, enginitshela ngakho ngaphambili, njengalokho ngasho kini ngaphambili, ukuthi abenza okunjalo abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.