AmaHubo 36:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwawa abenzi bokubi; baphonswe phansi futhi ngeke bakwazi ukusukuma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka. IsiZulu 2020 Bheka, abenzi bobubi bawile, baqunjwe phansi, abaseyukuvuka. |
Amalahle avuthayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni; emigodini ejulileyo, ukuze bangabe besavuka.
Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.
UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.
Futhi kumelwe uthi: Kanjalo iBabiloni liyocwila futhi lingaphumi ebubini engizolehlisela phezu kwalo; futhi bazokhathala. Kuze kube manje amazwi kaJeremiya.
Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.
Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.