Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
AmaHubo 34:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyawukhulula umphefumulo wezinceku zakhe, futhi akekho noyedwa kwabamethembayo oyoba ihlane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala. IsiZulu 2020 USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza. |
Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
UDavide wabaphendula uRekabi noBahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova owuhlengile umphefumulo wami osizini lonke!
Inkosi yasifunga yathi: Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke!
Esandleni sakho ngiyawubeka umoya wami; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu weqiniso.
Izindebe zami ziyakujabula kakhulu lapho ngihlabelela kuwe; nomphefumulo wami owuhlengileyo.
Nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina.
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;