Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 34:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

Deda ebubini wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphishekele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 34:14
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.


Mina ngingowokuthula, kepha lapho ngikhuluma, bona babe ngezokulwa.


Deda ebubini wenze okuhle; futhi uhlale phakade.


Ngaba yisimungulu ngokuthula, ngathula, yebo kwabalungileyo; nosizi lwami lwanyakaza.


Umthetho wohlakaniphileyo ungumthombo wokuphila, ukuze kusukwe ezingibeni zokufa.


Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; yesaba uJehova, udede ebubini.


Khipha umlomo omubi kuwe, nezindebe ezisontekile zikude nawe.


Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzidla, nendlela embi, nomlomo omubi, ngiyawuzonda.


Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu.


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke.


Uthando kalungabi lokuzenzisa. Yenyanya okubi; namathelani kokuhle.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.


Ngakho-ke kasilandeleni izinto eziletha ukuthula lezinto esingakhana ngazo.


Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. Niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


nokuba nikhuthalele ukuthula, nenze izindaba zenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengalokho saniyala;


Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.


Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;


Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele.


Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.