Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 34:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ihubo likaDavide ekuguquleni kwakhe ukuziphatha kwakhe phambi kuka-Abimeleki owamxosha, wahamba. Ngiyakumbonga njalo uJehova; udumo lwakhe luyakuba semlonyeni wami njalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 34:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu; u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathumela wamthatha uSara.


Kwaba khona indlala ezweni, kuphela indlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama. U-Isaka waya ku-Abimeleki, inkosi yamaFilisti, eGerari.


Ngaphakanyiswa ngawe kwasesiswini sikanina; Nguwe owangikhipha esizalweni sikamame; kuwe kuyakuba yindumiso yami njalo.


Umlomo wami mawugcwale indumiso yakho nodumo lwakho usuku lonke.


Ukwesaba abantu kuveza ugibe; kepha owethemba uJehova uyakusindiswa.


Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;


Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.


Kukho konke bongani, ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.


Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;


Kepha thina simelwe ukubonga njalo kuNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcweliswa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso;


Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide inkosi yezwe na? Abahlabelelanga yini ngaye, ngokuthi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, uDavide amashumi ezinkulungwane zakhe na?