AmaHubo 33:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba inhliziyo yethu iyakuthokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele. IsiZulu 2020 Inhliziyo yethu ithokozile ngaye, ngoba sethemba igama lakhe elingcwele. |
Nithi: ‘Sisindise, Nkulunkulu wensindiso yethu, usiqoqe, usikhulule kwabezizwe, ukuze sidumise igama lakho elingcwele, sidumise ekudumiseni kwakho.
UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami yathembela kuye, futhi ngasizwa; ngalokho inhliziyo yami ithokoza kakhulu; ngizamdumisa ngengoma yami.
Futhi kuyothiwa ngalolo suku: Bheka, lo nguNkulunkulu wethu; simlindile, futhi uzosikhulula. NguJehova; silindele yena, sithokoze, sithokoze ngensindiso yakhe.
Abakwa-Efrayimi bayakuba njengeqhawe, inhliziyo yabo ijabule njengasewayinini; yebo, abantwana babo bayokubona futhi bajabule; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.
Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.
Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha nxazonke; zazigcwele amehlo ngaphakathi, futhi aziphumuli imini nobusuku, zithi: Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona, nokhona, nozayo.