Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 33:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 33:18
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa; waphuza emfuleni.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.


Ngokuba ngaba namahloni ukucela enkosini iviyo lamasosha nabamahhashi ukuba basisize ezitheni endleleni, ngokuba sakhuluma enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo; kepha amandla akhe nolaka lwakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.


Akawasusi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha uhlezi kanye namakhosi esihlalweni sobukhosi; yebo, uyazimisa kuze kube phakade, futhi ziphakeme.


Wabapha ukudla abamesabayo; Uyosikhumbula njalo isivumelwano sakhe.


Kepha mina ngethemba umusa wakho; inhliziyo yami iyojabula ngensindiso yakho.


UJehova uyathokoza kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngiyethemba umusa kaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade.


Inkosi uZedekhiya yasilaya ukuthi bamngenise uJeremiya egcekeni letilongo, bamnike ucezu lwesinkwa esiphuma esigcawini sababhaki, size siphele sonke isinkwa emzini. Ngakho uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu;


Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.