UNkulunkulu wawubheka umhlaba, bheka, wawonakele; ngoba yonke inyama iyonakalisile indlela yayo emhlabeni.
AmaHubo 33:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu. IsiZulu 2020 USimakade esezulwini ubuka phansi emhlabeni, ababone bonke abantu. |
UNkulunkulu wawubheka umhlaba, bheka, wawonakele; ngoba yonke inyama iyonakalisile indlela yayo emhlabeni.
Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.
Ngokuba wabheka phansi esendaweni yakhe engcwele; uJehova wawubona umhlaba esezulwini;
UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.
UJehova wabuka esezulwini abantwana babantu ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu.
UNkulunkulu wabuka phansi esezulwini abantwana babantu ukuze abone ukuthi ukhona yini ozwisisayo, ofuna uNkulunkulu.
Uyabusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe abona izizwe; abahlubukayo mabangaziphakamisi. Sela.
Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.