AmaHubo 32:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ningabi njengehhashi noma njengomnyuzi ongenangqondo; abamlomo wabo umelwe ukuboshwa ngokuluma namatomu, funa beze kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo; umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa, uma ingasondeli kuwe. IsiZulu 2020 Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda, okukhalinywa ngetomu nomkhala ukuze kuhambe kuqonde, kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho. |
Ngubani osifundisa ngaphezu kwezilwane zomhlaba nosenza sihlakaniphe kunezinyoni zezulu na?
Ngubani ongambula ubuso bengubo yakhe na? Ngubani ongangena kuye namatomu akhe aphindwe kabili na?
Ngimzwile impela u-Efrayimi ezikhalela kanje; Wangilaya, ngajeziswa njengenkunzi engajwayele ijogwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wami.
Ngokuba abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana ababuthakathaka, futhi abanakuqonda; bahlakaniphile ekwenzeni okubi, kepha ukwenza okuhle abakwazi.
Bheka, sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuba asilalele; futhi sijika umzimba wabo wonke.