Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.
AmaHubo 32:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ziningi izinsizi zomubi, kepha othembela kuJehova, umusa uyakumhaqa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla. IsiZulu 2020 Ziningi izinhlupheko zababi, kodwa umusa uyamhaqa owethemba uSimakade. |
Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.
Makungabikho mhlebi oqiniswa emhlabeni; okubi kuyakuzingela umcindezeli ukuba ambhubhise.
Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.
Ziyakwanda izinsizi zabo abaxosha omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yokuphuzwa yegazi, namagama abo angiyikuwaphatha ngomlomo wami.
Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, ongahloniphi abazidlayo, ongaphendukeli emangeni.
Ophatha indaba ngokuhlakanipha uyakufumana okuhle; nowethembayo uJehova ubusisiwe.
Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo;
Maye kwababi! kuyakuba kubi kuye, ngokuba inkokhelo yezandla zakhe iyakunikwa yona.
Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, okuthe abanye ngokuyifisa baduka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.