U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.
AmaHubo 30:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphulukisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa. IsiZulu 2020 Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa. |
U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.
Phenduka uthi kuHezekhiya umkhokheli wabantu bami: Utsho njalo uJehova uNkulunkulu kayihlo uDavida: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakukhuphukela endlini kaJehova.
(Ihubo lokudumisa likaDavide.) Ngiyakukubonga, Nkulunkulu wami, nkosi; ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade.
Ngahlulele, Jehova Nkulunkulu wami, ngokulunga kwakho; futhi kabangathokozi ngami.
Kepha mina uyangisekela ngobuqotho bami, ungibeke phambi kobuso bakho kuze kube phakade.
Yiba nomusa kimi, Jehova; ngoba ngibuthakathaka. Jehova, ngiphilise; ngoba amathambo ami aphukile.
Wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine zonke izimiso zakhe, angiyikubeka nasinye salezi zifo. Engakwehlisela phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova ophilisayo.