Uyawuqondisa phansi kwezulu lonke nombani wakhe kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
AmaHubo 29:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo. IsiZulu 2020 Izwi likaSimakade lidlalisela kugqamuke amalangabi. |
Uyawuqondisa phansi kwezulu lonke nombani wakhe kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa.
Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.
UMose wayeselula intonga yakhe ezulwini, uJehova wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wanisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.
Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.