AmaHubo 25:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungakhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngicabange ngokomusa wakho ngenxa yomusa wakho, Jehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova. IsiZulu 2020 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade! |
Ngikhumbule, Jehova, ngokwentando yakho enhle kubantu bakho; ngihambele ngensindiso yakho;
Ngoba wayengacabangi ukwenza isihawu, kodwa wazingela ompofu loswelayo, ukuze abulale labadabukileyo enhliziyweni.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide ekufikeni kwakhe umprofethi uNathani emva kokuba esengene kuBati Sheba. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; ngokobukhulu bomusa wakho ngikhulule eziphambekweni zami.
Ungakhumbuli ububi bethu besikhathi esidlule; umusa wakho mawubonakale kithi masinyane, ngokuba sithotshisiwe kakhulu.
Bheka, nganginomunyu omkhulu ngenxa yokuthula, kepha wawusindisa umphefumulo wami egodini lokubhubhisa, ngokuba walahla zonke izono zami ngemuva kwakho.
Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami futhi angikhumbuli izono zakho.
Ngenxa yami, yebo, ngenxa yami, ngiyakukwenza; ngokuba igama lami lingangcoliswa kanjani na? futhi angiyikunika omunye udumo lwami.
Ungabi buhlungu kakhulu, Jehova, ungacabangi ububi kuze kube phakade; bheka, bheka, siyakhuleka kuwe, sonke singabantu bakho.
Silala phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisibekele; ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.
Abasayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, bathi: ‘Yazini uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuye komkhulu phakathi kwabo, usho uJehova; ngoba ngizabathethelela. Ububi, nesono sabo angisayikusikhumbula.
Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.
Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo nobubi babo angisayikukukhumbula.