AmaHubo 24:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lesi yisizukulwane sabamfunayo, abafuna ubuso bakho, Jakobe. Sela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela* IsiZulu 2020 Yilesi isizululwane salabo abamfunayo, labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu kaJakobe. Sela |
Lapho uthi: Dingani ubuso bami; inhliziyo yami yathi kuwe: Ngiyakufuna ubuso bakho, Jehova.
Uma ngithi: Ngizokhuluma kanje; bheka, bengiyakucasula isizukulwane sabantwana bakho.
Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.
UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli okungekho nkohliso kuye.
Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;