Umhlaba usekhona, ukuhlwanyela nokuvuna, amakhaza, nokushisa, nehlobo, nobusika, nemini nobusuku, akuyikunqamuka.
AmaHubo 24:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba walisekela phezu kolwandle, walimisa phezu kwemifudlana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula. IsiZulu 2020 ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula. |
Umhlaba usekhona, ukuhlwanyela nokuvuna, amakhaza, nokushisa, nehlobo, nobusika, nemini nobusuku, akuyikunqamuka.
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.
Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho.
UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.
Yishoni phakathi kwezizwe ukuthi uJehova uyinkosi; Uzakwahlulela izizwe ngokulunga.
Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?