AmaHubo 22:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inzalo iyakumkhonza; kuyakubalelwa eNkosini isizukulwane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inzalo iyakumkhonza; isizukulwane esizayo siyakulandiswa ngayo iNkosi. IsiZulu 2020 Izizukulwane ziyomkhonza, kulandwe ngayo iNkosi isizukulwane ngesizukulwane. |
Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo.
Uma ngithi: Ngizokhuluma kanje; bheka, bengiyakucasula isizukulwane sabantwana bakho.
Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.
Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
Futhi futhi: Ngizabeka ithemba lami kuye. Futhi futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;