Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke;
AmaHubo 21:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; isandla sakho sokunene siyakufumana abakuzondayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo. IsiZulu 2020 Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo. |
Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke;
Lokhu makube ngumvuzo wezitha zami zikaJehova nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
Ngiyambeka uJehova phambi kwami njalo; ngoba ungakwesokunene sami, kangiyikuzanyazanyiswa.
Kumholi wokuhlabelela, iHubo likaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi alelihubo kuJehova mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule: Wathi: Ngizakukuthanda, Jehova, mandla ami.
Kumelwe uwaphule ngentonga yensimbi; kumelwe uwaphahlaze njengebhodwe lombumbi.
Njengoba isandla sami sathola imibuso yezithombe, nezithombe zazo ezibaziweyo zadlula kuyo, eJerusalema naseSamariya;
Kepha izakhamuzi zakhe zazimzonda, zathuma amanxusa emva kwakhe, zithi: “Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.
Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.
Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
Kodwa umuntu wasukuma ukukuxotsha lokudinga umphefumulo wakho; kepha umphefumulo wenkosi yami uyakuboshelwa emshungwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; nemiphefumulo yezitha zakho iyoyiphonsa kungathi iphakathi kwendwayimana.
Impi yaba nzima kuSawule, abacibishelayo bamshaya; futhi walinyazwa kakhulu ngabacibishelayo.