AmaHubo 20:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuthuma usizo oluvela endlini engcwele, akuqinise kwaseSiyoni; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele, akusekele ngamandla aseSiyoni. IsiZulu 2020 Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni. |
Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
Wakha izingalo ezingamashumi amabili ezinhlangothini zendlu ngamapulangwe emisedari kusukela phansi kuze kufike odongeni; futhi walakhela yona ngaphakathi, yendlu engaphakathi, yebo, iNgcwelengcwele.
Ngokuba abezizwe bangivukele, nabacindezeli bafuna umphefumulo wami; kababekanga uNkulunkulu phambi kwabo. Sela.
Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.
Khona-ke izithunywa zesizwe ziyoziphendula zithini? Ukuthi uJehova umisile iSiyoni, futhi abampofu babantu bakhe bayothembela kulo.