Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yombuso Wakho iyintonga yangempela.
AmaHubo 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.” IsiZulu 2020 “Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.” |
Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yombuso Wakho iyintonga yangempela.
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuthatha futhi phezulu komsedari, ngiwubeke; Ngiyakunquma ethambile esiqongweni samagatsha aso, ngilitshale entabeni ende, enhle kakhulu;
Futhi ezinsukwini zala makhosi uNkulunkulu wezulu uyovusa umbuso ongayikuchithwa phakade; umbuso awuyikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuphahlaza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Usho kanje uJehova; Ngibuyele eSiyoni, ngiyohlala phakathi kweJerusalema, neJerusalema liyakuthiwa umuzi weqiniso; nentaba kaJehova Sebawoti, intaba engcwele.
UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.
Futhi ubeke zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke ebandleni.
Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.