AmaHubo 18:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ufundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami ziqhamuke umnsalo wensimbi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. IsiZulu 2020 Uqeqesha izandla zami, ukuze ngikwazi ukulwa; izingalo zami zibe namandla okugobisa umnsalo wethusi. |
Ihubo likaDavide. Makabongwe uJehova, mandla ami, ofundisa izandla zami ukulwa neminwe yami ukulwa.
Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, aphule umkhonto; inqola uyishisa ngomlilo.
nanjengomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni, nanjengezikhwepha kwabaletha impi esangweni.
Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile, ukuba ngehlisele izizwe phambi kwakhe; futhi ngiyothukulula izinkalo zamakhosi ukuze ngivule amasango amabili phambi kwayo; namasango awayikuvalwa;
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakwaphula umnsalo wakwa-Elamu, inhloko yamandla abo.
UJehova uNkulunkulu ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, angihambise ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela ngezinsimbi zami zomculo ezinezintambo.