AmaHubo 17:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bavalelwe emafutheni abo; ngomlomo wabo bakhuluma ngokuziqhenya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bavalelwe ngamanoni abo, bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo. IsiZulu 2020 Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe, zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo. |
Inhliziyo yabo ikhuluphele njengamanoni; kepha mina ngiyathokoza ngomthetho wakho.
Umphefumulo wethu ugcwele ukwedelelwa kwabahlezi kahle, nokudelelwa kwabaziqhenyayo.
Izindebe zamanga mazithuliswe; abakhuluma ngokuzidla nangokudelela abalungileyo.
Isitha sathi: Ngiyakubaxosha, ngifice, ngahlukanise impango; ukunxanela kwami kuyakwaneliswa phezu kwabo; ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibachithe.
Wayesethi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe ukuba ngimyeke u-Israyeli ahambe na?” Angimazi uJehova, futhi ngeke ngivumele u-Israyeli ahambe.
Yenza inhliziyo yalaba bantu ikhuluphale, wenze izindlebe zabo zibe lukhuni, uvale amehlo abo; funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqedisise ngenhliziyo, baphenduke, baphiliswe.
Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
Ngokuba inhliziyo yalaba bantu seyaba lukhuni, bezwa ngezindlebe zabo, bacimezile namehlo abo; funa babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.
Kodwa uJesuruni wakhuluphala wakhahlela; ukhuluphele, ukhuluphele, ukhuluphele; wayesemshiya uNkulunkulu owamenzayo, wadelela iDwala lensindiso yakhe.
Ngokuba bekhuluma amazwi okuyize okuyize, babayenga ngezinkanuko zenyama, ngamanyala, labo ababesesindile kulabo abahamba ngokuduka.
Ungabe usakhuluma ngokuzidla; makungaphumi ukuzidla emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi, nezenzo zikalwa nguye.