Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
AmaHubo 16:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyambeka uJehova phambi kwami njalo; ngoba ungakwesokunene sami, kangiyikuzanyazanyiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa. IsiZulu 2020 Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa. |
Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
Ongayisebenzisi imali yakhe ekuzuzeni inzalo, ongathathi nzuzo kongenacala. Owenza lezi zinto akasoze antengantenga.
Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; isandla sakho sokunene siyakufumana abakuzondayo.
Koze kube nini niceba okubi ngomuntu? niyakubulawa nonke; njengodonga olugobayo nanjengothango oludilikayo.
Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisiphephelo sami; ngeke nginyakaze.
KuNkulunkulu insindiso yami nodumo lwami; idwala lamandla ami nesiphephelo sami likuNkulunkulu.
Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.