AmaHubo 15:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Odelelekile emehlweni akhe; kodwa uyabahlonipha abamesabayo uJehova. Ofungayo kokwakhe angaguquki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe; IsiZulu 2020 obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli; |
Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama zakhothamela uHamani, ngokuba inkosi yayiyale kanjalo ngaye. Kodwa uMoridekayi akazange akhothame, futhi akazange amhloniphe.
Amehlo ami ayakuba kwabathembekileyo ezweni ukuba bahlale nami; ohamba ngendlela epheleleyo nguyena oyakungikhonza.
“Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi, kepha ugcwalise izifungo zakho eNkosini;
Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.
abasidumisile futhi ngokutusa okuningi; kwathi sesihamba, basithwalisa esikudingayo.
Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane. Lowo ongamthandiyo umzalwane wakhe uhlezi ekufeni.
Kwathi embona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Awu, ndodakazi yami! Ungithobise kakhulu, ungomunye wabangithusayo, ngokuba ngivulile umlomo wami kuJehova, anginakubuyela emuva.