Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 148:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Mdumiseni nina mazulu ezulu, nani manzi aphezu kwezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 148:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi mawuhlukanise amanzi nomkhathi.


UNkulunkulu wenza umkhathi futhi wahlukanisa amanzi angaphansi komkhathi namanzi angaphezu komkhathi.


Ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuphila kukaNowa, ngenyanga yesibili, ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku yonke imithombo kazamcolo omkhulu yagqashuka, namafasitele asezulwini avuleka.


Kodwa ingabe uNkulunkulu uzophila ngempela emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo?


Indlu engiyakhayo inkulu, ngokuba uNkulunkulu wethu mkhulu kunabo bonke onkulunkulu.


Wena, yebo, wena unguJehova wedwa; Wena walenza izulu, izulu lamazulu, nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuwo, uyakulonda konke; nebandla lezulu liyakukhonza.


obeka phansi imishayo yamakamelo akhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba phezu kwamaphiko omoya;


ozithobayo ukuze abone okusezulwini lasemhlabeni!


Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla.


Ngoba uNkulunkulu uzalihlenga iZiyoni, akhe amadolobho akoJuda, ukuze bahlale khona, balidle.


Ngazi umuntu okuKristu eminyakeni eyishumi nane edlule (noma wayesemzimbeni angazi, noma wayengaphandle komzimba, angazi, uNkulunkulu uyazi), onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.


Bheka, izulu nezulu lamazulu linguJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.