UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.
AmaHubo 147:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Dumisa uJehova, wena Jerusalema! dumisa uNkulunkulu wakho, Ziyoni! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho. IsiZulu 2020 Jerusalema, mbabaze uSimakade, Ziyoni, mdumise uNkulunkulu wakho, |
UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.
U-Israyeli makajabule ngaye owamenzayo; abantwana baseSiyoni mabajabule ngeNkosi yabo.
Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.
Yeka ukuthi zithandeka kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula; oletha izindaba ezinhle, omemezela insindiso; othi kulo iZiyoni: UNkulunkulu wakho uyinkosi;
Ngakho-ke thokozani, bantwana baseSiyoni, nijabule kuJehova uNkulunkulu wenu, ngoba umisile izimvula zokuqala, futhi uyonehlisela imvula, imvula yokuqala nemvula yamuva ngenyanga yokuqala.