Ngokuba uJehova muhle; umusa wakhe umi phakade; futhi iqiniso lakhe livela ezizukulwaneni ngezizukulwane.
AmaHubo 145:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova unomusa nesihawu; wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngesihawu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa. IsiZulu 2020 USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, unomusa omkhulu. |
Ngokuba uJehova muhle; umusa wakhe umi phakade; futhi iqiniso lakhe livela ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Kodwa wena, Nkosi, unguNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, omkhulu ngobubele leqiniso.
Ngokuba wena, Jehova, umuhle, ukulungele ukuthethelela; futhi kuvama umusa kubo bonke abakhuleka kuwe.
Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini.
UJehova uyabekezela, unomusa omkhulu, othethelela ububi neziphambeko, angahlambululi onecala nangayiphi indlela, ahambele ububi bawoyise kubantwana kuze kube isizukulwane sesithathu nesesine.
Kodwa uNkulunkulu ocebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo.