Qhubekela phambili umusa wakho kulabo obaziyo; nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.
AmaHubo 145:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bayakumemezela phakathi kwezixuku isikhumbuzo sokulunga kwakho okukhulu, bahubele ngokulunga kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho. IsiZulu 2020 Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho. |
Qhubekela phambili umusa wakho kulabo obaziyo; nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.
Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami, futhi ulimi lwami luzakwethaba ngokulunga kwakho.
Nokulunga kwakho kuphakeme kakhulu, Nkulunkulu, wena owenze izinto ezinkulu; O Nkulunkulu, ubani onjengawe!
Ngithanda ukukhuluma ngomusa kaJehova nodumo lukaJehova njengakho konke uJehova asenzele khona, nokulunga okukhulu kuyo indlu ka-Israyeli abenzele yona ngokobubele bakhe nangobuningi bezizwe ezingcwele umusa wakhe.
Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.