AmaHubo 142:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.” IsiZulu 2020 Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.” |
Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo.
Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni.
Ngokuba uwusindisile umphefumulo wami ekufeni; Awuyikukhulula izinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo na?
Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Ngase ngibuyela emuva, ngabona zonke izinsizi ezenzeka phansi kwelanga; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla; kodwa babengenamduduzi.
Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.