AmaHubo 140:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amalahle avuthayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni; emigodini ejulileyo, ukuze bangabe besavuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka. IsiZulu 2020 Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo, mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka. |
Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.
Uyakubenza babe njengesithando somlilo ngesikhathi solaka lwakho; uJehova uyobashwabadela ngolaka lwakhe, futhi umlilo uyobaqeda.
Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.
Bonke bayakwesaba, bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu; ngoba izenzo zakhe bazozicabangela ngokuhlakanipha.
Ngiyakumbonga uJehova ngokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.
Obangela ukuba abalungileyo baduke ngendlela embi, yena uyakuwela emgodini wakhe; kodwa abaqotho bazazuza okuhle.
Umuntu owenza ubudlova ngegazi lomuntu kumelwe abalekele emgodini; ungavumeli muntu ukuthi amvimbe.
zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.