Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiphile ekupheleni kolwandle;
Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,
Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,
Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; yebo, wandiza ngamaphiko omoya.
Ukuphuma kwalo kusukela emkhawulweni wezulu nokujikeleza kwalo kuya emikhawulweni yalo, futhi akukho okufihlekile ekushiseni kwalo.
Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.