UNkulunkulu wenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu; ukukhanya okukhulu ukubusa emini nokukhanya okuncane ukubusa ebusuku; Wenza nezinkanyezi.
AmaHubo 136:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ilanga ukuze libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade; IsiZulu 2020 ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade; |
UNkulunkulu wenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu; ukukhanya okukhulu ukubusa emini nokukhanya okuncane ukubusa ebusuku; Wenza nezinkanyezi.
Usho kanje uJehova, onika ilanga libe ngukukhanya emini, nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zibe njengokukhanya ebusuku, odabula ulwandle ukuze kuhlokome amaza alo; NguJehova Sebawoti igama lakhe;
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.