abenza izinto ezinkulu nezingenakuqondwa; izinto ezimangalisayo ezingenakubalwa:
AmaHubo 136:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuye yedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; IsiZulu 2020 yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; |
abenza izinto ezinkulu nezingenakuqondwa; izinto ezimangalisayo ezingenakubalwa:
Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, owenza izimangaliso yedwa.
Ngubani onjengawe, Nkosi, phakathi kwawonkulunkulu? ngubani onjengawe, okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezindumiso, owenza izimangaliso, na?
Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.