Wanikela izwe labo libe yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owabapha izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
Babanika amazwe ezizwe, badla ifa lokukhandleka kwabantu;
Wanika izwe labo libe yifa, laba yifa labantu bakhe u-Israyeli.
Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
Kepha wena Israyeli, uyinceku yami, uJakobe engikukhethileyo, inzalo ka-Abrahama umngane wami.
Nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle;