Dumisani uJehova nina ndlu kaLevi, nina enimesabayo uJehova, dumisani uJehova.
Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova.
Wena ndlu kaLevi, mbonge uSimakade, nina enimesabayo uSimakade, mbongeni uSimakade.
Dumisani uJehova. Dumisani, nina zinceku zikaJehova, dumisani igama likaJehova.
O Israyeli, thembela kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.