Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
AmaHubo 135:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wanika izwe labo libe yifa, laba yifa labantu bakhe u-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe. IsiZulu 2020 Wathatha izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe. |
Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho phakathi kwezizukulwane zenu; futhi eniyomnika okuningi, ifa elikhulu, futhi omncane, ifa elincane; ifa lawo wonke umuntu kumelwe libe sendaweni lapho isabelo sakhe siwela khona; niyakudla ifa ngokwezizwe zoyihlo.
Salithatha izwe labo, salinika abakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase njengefa.
UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.
Lawa angamakhosi ezwe uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli abawahlula ngasempumalanga kweJordani ngasentshonalanga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike ezintabeni zaseHalaki ezikhuphukela eSeyiri; uJoshuwa alinika izizwe zakwa-Israyeli njengefa ngokwezabelo zazo;