AmaHubo 135:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Dumisani uJehova. Dumisani iGama leNKOSI; mdumiseni nina zinceku zikaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova IsiZulu 2020 Haleluya! Dumisani igama likaSimakade; mdumiseni nina zinceku zikaSimakade, |
Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo.
Dumisani uJehova. Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
O, uma abantu bebengadumisa uJehova ngobubele bakhe nezimangaliso zakhe kubantwana babantu!
O, uma abantu bengamdumisa uJehova ngobubele bakhe nezimangaliso zakhe kubantwana babantu!
Dumisani uJehova. Ngithanda ukudumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami, ebandleni labaqotho nasebandleni.
Dumisani uJehova. Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza ngemithetho yakhe.
(Ihubo lamabanga.) Bhekani, dumisani uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.
Mabadumise igama likaJehova, ngokuba igama lakhe lodwa likhulu; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
Ngiyakumbonga uJehova ngokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.