Vuka, Jehova, ekuphumuleni kwakho; wena nomphongolo wamandla akho.
Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho, wena nomphongolo wamandla akho.
Sukuma, Simakade, uye endaweni yakho yokuphumula, Wena nomphongolo wamandla akho.
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; labo abamzondayo kababaleke kuye.
Wanikela amandla akhe ekuthunjweni nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.