Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sisaphunyukile njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho eziphambekweni zethu, ngokuba ngalokho asinakuma phambi kwakho.
AmaHubo 130:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? IsiZulu 2020 Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? |
Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sisaphunyukile njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho eziphambekweni zethu, ngokuba ngalokho asinakuma phambi kwakho.
Uyini umuntu ukuba abe mhlophe? nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Uma ngizilungisisa, umlomo wami uyakungilahla; uma ngithi: Ngiphelele, lokho kuyongifakazela ukuthi ngingalungile.
Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.
Wena, yebo, uyesatshwa, futhi ubani oyoma phambi kwakho lapho uqala ukuthukuthela na?
Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.
Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.
Kodwa ngubani ongabekezelela usuku lokufika kwakhe? futhi ngubani oyoba khona lapho evela? ngokuba unjengomlilo womncibilikisi, nanjengensipho yabahlanzi.
Khumbula izinceku zakho, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ungabheki inkani yalaba bantu, nobubi babo, nesono sabo.