AmaHubo 126:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Buyisa isiphetho sethu, Jehova, njengemifula yaseningizimu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu. IsiZulu 2020 Sikhulule, Simakade, ekuthunjweni kwethu, sibe njengemifula eningizimu. |
Khona oyisishosha uyakugxuma njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba kuyakubhoboka amanzi ogwadule, nemifudlana ehlane.
Ngiyakuvula imifula ezindaweni eziphakemeyo nemithombo ezigodini; Ngiyakwenza ugwadule lube yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi.
Bheka, ngiyakwenza okusha; manje liyakuhluma; ubungeke ukwazi? Ngiyakwenza indlela ehlane nemifula ogwadule.
Ngiyakufunyanwa kini, usho uJehova; ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho enginixoshele khona,” usho uJehova; ngizalibuyisela endaweni lapho enganithumbela khona.
Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli noJuda,” usho uJehova; ngiyakubabuyisela ezweni engalinika oyise, balidle.
Khona abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana, bazikhethele umholi oyedwa, bakhuphuke baphume ezweni, ngokuba luyoba lukhulu usuku lwaseJizreyeli.
Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.