AmaHubo 125:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, yenza okuhle kwabalungileyo nabaqotho ngenhliziyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo. IsiZulu 2020 Simakade, benzele okuhle abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo, |
Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli ububi futhi okungekho nkohliso emoyeni wakhe.
Qhubekela phambili umusa wakho kulabo obaziyo; nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.
Ihubo lika-Asafa. Yebo, uNkulunkulu muhle ku-Israyeli, kubo abahlanzekile enhliziyweni.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.
Kodwa ubulungisa buyobuyela ekulungeni, futhi bonke abaqotho ngenhliziyo bayokulandela.
UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli okungekho nkohliso kuye.
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.
Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.