Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
AmaHubo 121:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova unguMlindi wakho; uJehova uyisithunzi sakho ngakwesokunene sakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene. IsiZulu 2020 USimakade ungumvikeli wakho, uSimakade ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene. |
Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
Ngiyambeka uJehova phambi kwami njalo; ngoba ungakwesokunene sami, kangiyikuzanyazanyiswa.
UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu ukubahola endleleni; nasensikeni yomlilo ebusuku ukubakhanyisela; ukuhamba imini nobusuku:
Ngokuba wawuyinqaba kompofu, inqaba kompofu ekuhluphekeni kwakhe, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekushiseni, lapho ukuphefumula kwabanamandla kufana nesiphepho odongeni.
Umuntu uyakuba njengendawo yokukhosela emoyeni nesivikelo esivunguvungwini; njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.
Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!