Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku lokuhlupheka kwami; beka indlebe yakho kimi; ngosuku engibiza ngalo, ungiphendule masinyane.
AmaHubo 120:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula. IsiZulu 2020 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula. |
Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku lokuhlupheka kwami; beka indlebe yakho kimi; ngosuku engibiza ngalo, ungiphendule masinyane.
Ngambiza uJehova ngisekuhluphekeni; uJehova wangiphendula, wangibeka endaweni enkulu.
IsiHlabelelo sikaDavide uma bekungesiye uJehova ngakithi, u-Israyeli ubengathi;
(IsiHlabelelo seziHlabelelo.) Abamethembayo uJehova bayakuba njengentaba yaseSiyoni enganyakazi kepha imi phakade.
IsiHlabelelo SeziHlabelelo. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engawulindi umuzi, umlindi uphaphamela ize.
IsiHlabelelo sikaDavide. Jehova, inhliziyo yami ayiphakamile, namehlo ami awaphakeme; futhi angizivivinyi ezindabeni ezinkulu noma ezintweni eziphakeme kakhulu kimi.
Ihubo likaDavide. Bheka, kuhle, kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
(Ihubo lamabanga.) Bhekani, dumisani uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.
Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe.
Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.
wathi: “Ngakhala kuJehova ngenxa yokuhlupheka kwami, yangizwa; ngisemathunjini abafileyo ngakhala, wezwa izwi lami.
Ngokuba wangiphonsa ekujuleni, phakathi kolwandle; imifula yangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;
Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”