Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 119:97 - Contemporary Zulu Bible 2024

MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 119:97
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; futhi uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.


SAMECH. Ngiyayizonda imicabango eyize, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide; yebo, ngaphezu kwegolide elihle.


Ngiyakuzindla ngemiyalo yakho, ngihloniphe izindlela zakho.


Bheka ukuthi ngiyithanda kanjani imiyalo yakho; Jehova, ngiphilise ngokomusa wakho.


Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu, kakukho okubakhubekisayo.


Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; futhi ngibathanda kakhulu.


Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo.


Ngiyakuphakamisela izandla zami emiyalweni yakho engiyithandayo; ngiyakuzindla ngezimiso zakho.


Ngesifiso udinga umuntu ozahlukanisayo, ogxambukela kukho konke ukuhlakanipha.


Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho, nolwazi luthokozisa umphefumulo wakho;


Kumelwe ibe kuye, futhi kumelwe ayifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe nokugcina wonke amazwi alo mthetho nalezi zimiso ukuba awenze.


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;