AmaHubo 119:57 - Contemporary Zulu Bible 2024 CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. IsiZulu 2020 USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina. |
Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo.
Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Ngakho abayikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa labo, njengokusho kwakhe kubo.
Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza; noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo ababephesheya komfula, nonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.
UJehova wabaxosha bonke abantu phambi kwethu, ama-Amori ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova; ngoba unguNkulunkulu wethu.