U-Ezra wayesesuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJohanani indodana ka-Eliyashibi, wafika khona, akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; ngokuba walilela isiphambeko sabathunjwa.
AmaHubo 119:53 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. IsiZulu 2020 Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho. |
U-Ezra wayesesuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJohanani indodana ka-Eliyashibi, wafika khona, akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; ngokuba walilela isiphambeko sabathunjwa.
Sibuye sephule imiyalo yakho, sizihlanganise nabantu balezi zinengiso na? ubungeke yini usithukuthelele uze usiqede, kungabikho nsali nophunyukayo na?
Lapho ngizwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.
Ngase ngilwa nabo, ngabaqalekisa, ngabashaya abanye, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: ‘Aniyikuwanika amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu namadodakazi abo.
Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
Khona uDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari, wamangala ihora elilodwa, nemicabango yakhe yamethusa. Inkosi yasikhuluma yathi: Belitshazari, iphupho kakungakhathazi. UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi yami, iphupho lingelabakuzondayo, nencazelo yalo ngezitha zakho;
Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi;
Futhi nxa ngifika futhi, uNkulunkulu wami angithobise phakathi kwenu, ngilile abaningi asebevele bonile, abangaphendukanga ekungcoleni, nasebufebeni, nasebubini ababenzayo.
Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo, namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba bayizitha zesiphambano sikaKristu;