AmaHubo 119:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 IDALETH. Umphefumulo wami unamathele othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. IsiZulu 2020 Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. |
Bheka ukuthi ngiyithanda kanjani imiyalo yakho; Jehova, ngiphilise ngokomusa wakho.
Amandla ami omile njengodoti lombumbi; ulimi lwami lunamathele emhlathini wami; wangingenisa othulini lokufa.
Ngokuba umphefumulo wethu ukhotheme othulini, izisu zethu zinamathele emhlabathini.
Wena ongenze ngabona izinhlupheko ezinkulu nezibuhlungu, uyakungiphilisa, ungikhuphule ekujuleni komhlaba.
Impisi newundlu kuyakudla ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkunzi, nothuli lube yinyama yenyoka. Aziyikwenza okubi, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.
UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukuba uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.
abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.