Ophambayo makangahlali endlini yami; oqamba amanga akayikulibala phambi kwamehlo ami.
AmaHubo 119:163 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda. IsiZulu 2020 Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho. |
Ophambayo makangahlali endlini yami; oqamba amanga akayikulibala phambi kwamehlo ami.
Ngemiyalo yakho ngiyazuza ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zenkohliso.
Ngakho ngibheka yonke imiyalo yakho ngakho konke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
Susa kimi okuyize namanga; unganginiki ubumpofu nengcebo; ngiphe ukudla okulungele mina;
Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukulunga esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali kaJosefa.
Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye komunye.
Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.